Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 1:8 - IsiZulu 2020

8 NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 1:8
29 Referans Kwoze  

ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.


nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,


Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.


Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu;


Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye.


Lapho ungubani nje wena owehlulela inceku yomunye na? Kuphambi kwenkosi yayo ukuma noma ukuwa kwayo, kodwa iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo,


Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo.


njengalokhu nisazile ingxenye, ukuthi siyiqholo lenu, kanjalo-ke nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.


ukuba lowo muntu anikelwe kuSathane, kubhujiswe umzimba, ukuze kusindiswe umoya wakhe ngosuku lweNkosi uJesu.


Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.


Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu.


ngokuba okudaliweyo kulindele ngokulangazelela ukwembulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.


Ngokuba asinilobeli lutho olunye ngaphandle kwalokho enikufundayo, noma enikwaziyo. Ngiyethemba futhi ukuthi niyakukwazi ngokupheleleyo kuze kube sekugcineni,


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.


ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite