Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 1:7 - IsiZulu 2020

7 ukuze ningasesweli nesisodwa nje isiphiwo somusa, njengokuba nikulindele ngokushisekela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 1:7
25 Referans Kwoze  

Kepha thina singabombuso wezulu, lapho futhi silangazelele khona ukubona uMsindisi, iNkosi uJesu Khristu.


nilindele futhi nimagange ngokufika kosuku lukaNkulunkulu okuyakuthi ngalo, amazulu adunqiswe ngomlilo abhubhe, konke kushe kungqongqe, kuncibilike.


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


ngokuba okudaliweyo kulindele ngokulangazelela ukwembulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu.


Kuyakuthi lapho uMelusi omkhulu esebonakaliswa, nizuze umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane.


“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi ezilishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma zayohlangabeza umyeni.


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala.


Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite