Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 1:6 - IsiZulu 2020

6 njengalokhu ubufakazi ngoKhristu buqinisiwe kini,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 1:6
24 Referans Kwoze  

owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Khristu, ngakho konke akubona.


Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.


owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo.


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


Ngabe oninika uMoya aveze imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza lokho ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


ngambona; wathi kimi: ‘Shesha uphume masinyane eJerusalema, ngokuba abazukubamukela ubufakazi bakho ngami.’


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.


Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.


Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.


“Ngakho-ke uma uNkulunkulu ebanikile isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu uKhristu, pho ngingubani ukuba ngivimbe uNkulunkulu na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite