Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 1:5 - IsiZulu 2020

5 ukuba ezintweni zonke, nicetshiswe kuye; ekukhulumeni nasekwazini konke

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke;

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 1:5
27 Referans Kwoze  

ukuze nithi nicetshisiwe kokuningi nibe ngabaphanayo, okuyakuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.


Kepha nakuba nivamile kukho konke: ekukholweni, emazwini, ekwazini, nasekukhuthaleni konke, nasothandweni esinithanda ngalo, manje nivame nakuwo lowo msebenzi womusa.


okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.


Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,


Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana.


Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha.


nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;


ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,


Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu.


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Pho kufanele kwenziwe njani bazalwane na? Uma nihlangana ndawonye, omunye unehubo, omunye unesifundiso, omunye unesambulo, omunye unezilimi, omunye uyahumusha; konke lokho makwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.


Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela.


omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.


Lowo obuthakathaka uyakubhubha ngenxa yolwazi lwakho, umzalwane uKhristu afa ngenxa yakhe.


Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.


Uma-ke isiphambeko siletha ingcebo emhlabeni, nokwehluleka kwabo kuletha ingcebo kwabezizwe, kuyoba kangakanani ngokuphelela kwabo.


Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.


njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite