Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kwabaseKorinte 1:12 - IsiZulu 2020

12 Ngikusho lokhu ngokuba yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawula;” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo;” omunye uthi: “Mina ngingokaKhefase;” nomunye athi: “Mina ngingokaKhristu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka-Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu.

Gade chapit la Kopi




1 kwabaseKorinte 1:12
20 Referans Kwoze  

Wamyisa kuJesu. UJesu wambheka, wathi: “Wena unguSimoni kaJona; usuzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okusho ukuthi ngokuhunyushwa, uPhethro.


Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.


Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini nabazalwane, kodwa kwakungesiyo intando yakhe ukuba eze manje. Kepha uyakuza kini uma esethole ithuba.


Bazalwane, ngisho lokhu ukuthi inyama negazi akuyukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu, kanjalo nokubola akunakulidla ifa elingukungaboli.


nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili.


Asinalo yini ilungelo lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, abafowabo beNkosi, noKhefase na?


Bazalwane, ngithi isikhathi sesisifushane; kusukela manje abaganiweyo mabafane nabangaganiwe,


Bazalwane, lokhu-ke ngikuqondise kimi naku-Apholo, ngenxa yenu, ukuba nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuze ningazikhukhumezi, omunye akhethe omunye kunomunye.


UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu.


“Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane.


Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile,


Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.


Ake nibheke nje lokhu okuphambi kwenu. Uma umuntu ezazi kahle ukuthi ungokaKhristu, makakuqonde lokhu ngokwakhe ukuthi njengokuba yena engokaKhristu, nathi sinjalo.


Abantu bakwa-Israyeli baqembukelana, baba yizingxenye ezimbili. Enye ingxenye yabantu yalandela uThibhini, indodana kaGinathi, ukuze bambeke abe yinkosi. Enye ingxenye yalandela u-Omri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite