Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:4 - IsiZulu 2020

4 esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Uyazidla, engazi lutho, kodwa ukuhaha ngemibuzo lengxabano yamazwi, okuvela kukho umhawu, ukuxabana, ukuthuka, ukucabanga okubi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uyazidla, engazi lutho, kodwa ukuhaha ngemibuzo lengxabano yamazwi, okuvela kukho umhawu, ukuxabana, ukuthuka, ukucabanga okubi;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:4
44 Referans Kwoze  

Kodwa ziqhelelanise empikiswaneni engubuwula nengenangqondo, wazi ukuthi lokho kudala ukulwa.


abangabakhapheli, abanamawala, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda.


Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo.


Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


befuna ukuba ngabafundisi bomthetho, nakuba bengakuqondi abakushoyo nalokho abakugcizelela ngeqholo.


futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude.


Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.


Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze.


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana,


Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.


Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle.


Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.


Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.


Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.


ngokuba niyakubekezela uma umuntu enenza izigqila, enichutha, enibamba, ezikhukhumeza, nalapho enimukula ebusweni.


Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa.


Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, thina asinawo umkhuba onjalo, futhi namabandla kaNkulunkulu awanawo.


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?


Kepha memukeleni obuthakathaka ekukholweni, kungabi ngemidlinzo yokumehlulela.


Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.


Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.


kodwa uma kungukuqophisana ngamazwi, ngamagama nangomthetho wakini, ziboneleni nina. Mina angifuni ukuba ngumehluleli walokho.”


Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.


Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa, nokushaya ngenqindi yenkohlakalo. Lokhu kuzila enikwenza namuhla akwenzi ukuba izwi lenu lizwakale ezindaweni eziphakemeyo.


Kunethemba ngesiwula kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.


Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula, unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga.


Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho, nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite