Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:13 - IsiZulu 2020

13 Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:13
22 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi uJesu wayemi phambi kombusi, umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.”


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abenze baphile, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu,


futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke.


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.


“USimakade uyabulala, bese ephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, bese enyusa.


“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.


Bambopha, bahamba naye, bamnikela kuPilatu, umbusi.


Ngokuvivinyeka kwale nkonzo, abantu badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela, nangokuvuma kwenu ivangeli likaKhristu, nangenxa yokuphana kubo, nakubo bonke abanye,


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite