Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:8 - IsiZulu 2020

8 Kodwa uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulu abomndeni wakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi ukwedlula nongakholwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:8
19 Referans Kwoze  

Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


Sekungokwesithathu manje ngikulungele ukuza kini; angiyukuba mthwalo kini, ngokuba angifune zinto zenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akusibona abantwana okufanele baqongelelele abazali, kodwa ngabazali abaqongelelela abantwana.


Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ukuba uYihlo osezulwini abaphe okuhle labo abacelayo kuye!


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”


ngiyayazi imisebenzi yakho. Ngimise phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, futhi awuliphikanga igama lami.


ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.


Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.


Uma bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje abanazaba ngesono sabo.


Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.


Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.


Kanti umzalwane uyammangalela yini omunye, futhi akwenze lokho phambi kwabangakholwayo na?


Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite