Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:4 - IsiZulu 2020

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha ekhaya, babuyisele umvuzo kubazali babo, ngokuba lokho kuhle kuyabongeka phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha ekhaya, babuyisele umvuzo kubazali babo, ngokuba lokho kuhle kuyabongeka phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:4
18 Referans Kwoze  

UJosefa wamhlinzeka uyise, nabafowabo, nabo bonke abendlu kayise ngokudla, ngokwenani labantu abasezindlini zabo.


Lokhu kuhle, futhi kwamukelekile emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu,


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


Abantwana bakhe bayasukuma bambusise; nendoda yakhe iyamtusa, ithi:


Wakuthwala ayekukhothozile waya nakho ekhaya. Uninazala wakubona ayekukhothozile; uRuthi wakhipha lokho kudla okwakusale edla wakunika uninazala.


URuthi wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Ngivumele ngihambe ngiye ensimini ukuze ngikhothoze emva kwalowo oyokuba nomusa kimi.” UNawomi wathi kuye: “Hamba ndodakazi yami.”


“Ngiyobavukela,” kusho uSimakade Wamabandla, “nginqume eBhabhele igama nensali, indodana nomzukulu,” kusho uSimakade.


Asiyukuba nabantwana noma abazukulu phakathi kwabakubo, noyosinda lapho sasihlala khona.


Wayenamadodana angama-40, nabazukulu abangama-30 ababegibela izimbongolo ezingama-70; wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.


UJakobe wahlala eGibhithe iminyaka eyi-17. Izinsuku zikaJakobe neminyaka yokuphila kwakhe emhlabeni kwaba yi-147.


Uma owesifazane okholwayo enezihlobo ezingabafelokazi ngempela, makazisize; ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.


okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite