Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:19 - IsiZulu 2020

19 Ungalemukeli icala elethweswe ilunga kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:19
14 Referans Kwoze  

Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.


“Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.


Lokhu sekungokwesithathu ngiza kini. “Noma yiliphi izwi malifakazelwe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu, bese liyaqiniswa.”


uma kungumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo, abangasoleki ngokungabi nasimilo nangokungalaleli.


Ngobufakazi bofakazi ababili noma abathathu lowo ofanele ukufa, uyakubulawa. Kodwa ngobufakazi bomuntu oyedwa, akayukubulawa.


Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu.


Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


Kanjalo nasemthethweni wakini kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buyiqiniso.


Bonke bakwenza, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBharnabha noSawula.


Ngakho-ke uPilatu waphumela kubo ngaphandle, wathi: “Nimethwesa cala lini lo muntu na?”


Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga.


Amalunga aphathe kahle, afanele ukuba atuswe ngokuphindwe kabili, ikakhulu lawo akhuthalela ukushumayela nokufundisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite