Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 4:8 - IsiZulu 2020

8 ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 4:8
52 Referans Kwoze  

Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,


Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.


Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade.


Abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo ingunaphakade.


Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.


Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,


“Umuntu angaba yini wusizo kuNkulunkulu na? Ohlakaniphe kakhulu angaba wusizo yini kuye na?


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


Ukudla akusisondezi kuNkulunkulu, ngokuba uma singadli, asilahlekelwa yilutho, noma sidla, asizuzi lutho.


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


noma uPawula, noma u-Apholo, noma uKhefase noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okusazokuba khona, konke kungokwenu.


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.


Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.


Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu,


Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu;


ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite