Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 4:1 - IsiZulu 2020

1 Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 4:1
64 Referans Kwoze  

Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.


Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola.


Okokuqala, nidinga ukuba nazi ukuthi ngezinsuku zokugcina, kuyakufika ababhinqayo bebhinqa behamba ngokwezinkanuko zabo,


Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.


Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.


Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu,


Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


Qha, kodwa ngithi: lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amadimoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kangithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namadimoni.


Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaSimakade iqiniswe esiqongweni sezintaba, ibe yinde kunamagquma, abantu abaningi bayakugelezela kuyo.


“Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.


Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade. Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.


Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.


Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.


Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe.


Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.”


USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?” Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”


uyakuphuma ayodukisa izizwe emagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, uyakuziqoqa ukuba ziyokulwa. Ziyakuba ngangezihlabathi zolwandle.


Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.


ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,


Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda.


Kepha abanye abantu abangabulawanga ngalezo zinhlupheko abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo, ukuba bangakhuleki kuwo amadimoni, nakuzo izithombe zegolide, ezesiliva, ezethusi, ezamatshe, ezemithi, ezingaboni, ezingezwa, nezingahambi.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.


Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:


Kepha abathile kubo, osonjulalwazi bama-Ephikhuru nabamaStoyikhu, baphikisana naye, abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Sengathi lishumayela ngonkulunkulu abangaziwa,” ngenxa yokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”


kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.


babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.


Kuyoze kube nini bengaphenduki ezinhliziyweni, abaphrofethi abaphrofetha amanga, bengabaphrofethi benkohliso yenhliziyo yabo na?


“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!


Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba zingabi bikho izikhubekiso, kodwa maye, kulowo eziza ngaye!


ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyangazisa ukuthi kulowo nalowo muzi ngilindelwe ukuboshwa nezinhlupheko.


Esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawula, wazibopha ngalo izinyawo nezandla, wathi: “Usho lokhu uMoya oNgcwele, uthi: ‘Lo muntu ongumnikazi waleli bhande, abaJuda eJerusalema bazakumbopha kanje, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu.


Empeleni kufanele ukuba kube khona amaqembu phakathi kwenu, ukuze abaqotho bavele obala.


Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite