Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 3:7 - IsiZulu 2020

7 Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 3:7
21 Referans Kwoze  

ngokuba siyazihlonipha izinto ezinhle, hhayi nje phambi kweNkosi, kepha nasemehlweni abantu imbala.


basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


ukuze nihambe ngokufaneleyo phambi kwabangakholwa, futhi ningantuli lutho.


Asibekeli muntu isikhubekiso, funa inkonzo yethu igxekwe.


Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu,


Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.


ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.


babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.


Dedani kulo lonke uhlobo lobubi.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na?


“Indoda ethile okuthiwa ngu-Ananiya, eyayikholwa, iwugcina umthetho, eyayifakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhe lapho,


Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”


Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,


Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani.


UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite