Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 2:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 2:5
28 Referans Kwoze  

Umlamuleli ubalulekile uma kukhona izinhla ezimbili; kasiye owoyedwa, kepha uNkulunkulu munye.


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


“Yizwa, Israyeli: uSimakade uNkulunkulu wethu, uSimakade, munye.


nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.


munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, futhi ophakathi kwabo bonke.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Akukho mlamuli phakathi kwethu, ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili, asilamule.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni.


Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.


“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”


mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama,


Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu,


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.


“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite