Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 1:11 - IsiZulu 2020

11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 1:11
25 Referans Kwoze  

Kepha kunalokho, sebebonile ukuthi nginikezwe ukushumayela ivangeli kwabangasokile njengokuba uPhethro enikezwe ukwenza kanjalo kwabasokayo.


okuthe ngesikhathi esifaneleyo walibonakalisa izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswa ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu.


ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.


okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.


Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.


Kulonde lokhu okuhle okubekwe kuwe ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.


Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi,


Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo,


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


engenziwe isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu owanginika sona maqondana nani, ukuze ligcwaliseke izwi likaNkulunkulu,


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu.


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite