Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 5:8 - IsiZulu 2020

8 Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 5:8
61 Referans Kwoze  

Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.


Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela.


USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ekuzulazuleni emhlabeni ngehla ngenyuka kuwo.”


Ningamniki uSathane indawo.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


“Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni.


uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, ngokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,


Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!”


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Wayesengikhombisa uJoshuwa umphristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaSimakade, noSathane wayemi ngakwesokunene sakhe emmangalela.


Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo,


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo.


ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni.


Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.


Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi.


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.


Kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni, othandweni, nasebungcweleni, futhi bezithoba.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo,


Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.


“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


Kanjalo-ke nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bahlobe ngokuhlakanipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezelukiweyo, ngegolide, ngamapharele noma ngezembatho ezibizayo.


UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


Ngiyakubathelekela njengebhele eliphucwe amazinyane alo, ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo, ngibashwabadele lapho njengebhubesi, isilwane sasendle sibanephunephule.


Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa,


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza.


Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.


USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna. Lapho befika esivinini eThimna, kwaqhamuka masinyane ibhongo lengonyama, leza kuye libhodla.


Ngumsindo wokukhala kwabelusi! Phela udumo lwabo seluphelile. Ngumsindo wokubhonga kwamabhongo ezingonyama! Ngokuba ihlathi eJordani selicekelwe phansi.


Labhidliza izinqaba zabo, labhubhisa imizi yabo; izwe laba yincithakalo, nakho konke okukulo, kwathuthumela ngenxa yokubhonga kwalo.


Khona abantu babhonga kanyekanye njengezingonyama, babhodle njengamabhongo ezingonyama.


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Beka isikhohlakali phezu kwakhe, makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.


Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo.


ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite