Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 5:5 - IsiZulu 2020

5 Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 5:5
27 Referans Kwoze  

Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Izedeleli uyazedelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.


Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,


Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.


Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


“ ‘Uyosukuma nxa kumi impunga phambi kwakho, uyomhlonipha umuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona,


Abaphristi bakho mabembeswe ukulunga, abethembekileyo bakho bathokoze.”


Ngembatha ukulunga, kwaba njengesembatho kimi, ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.


Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


“Manje, sukuma Simakade Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula Wena nomphongolo wakho wamandla. Abaphristi bakho Simakade Nkulunkulu, abaphristi bakho mabembathiswe insindiso, nabathembekile bakho bathokoze ngokuhle.


Abaphristi ngiyobembesa insindiso, abethembekileyo bayohlokoma ngenjabulo.


Nakuba uSimakade ephakeme, uyamnakekela ophansi; ozidlayo umazi ekude.


Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe.


Kepha akunjalo kinina; kodwa omkhulu kini, makabe njengomncinyane; nongumholi, abe njengesisebenzi.


Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, abesilisa abasebasha njengabafowenu,


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


ngokuba kungcono ukuba kuthiwe kuwe: “Yenyukela lapha,” kunokuba wehliselwe phansi phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.


Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite