Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 3:15 - IsiZulu 2020

15 Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 3:15
34 Referans Kwoze  

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


kepha ngokubona inkambo yenu emsulwa, esekwesabeni.


Manje-ke yimani ukuze siphendulane phambi kukaSimakade ngezenzo zonke ezilungileyo uSimakade azenza kini nakokhokho benu.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.


Ngakho-ke masedlule emfundisweni yokuqala ngoKhristu, siqhubekele phambili kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,


Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli,


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.


Kepha uKhristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa ngeqholo nangokuzigabisa ngethemba kuze kube sekupheleni.


kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


“Lethani udaba lwenu,” kusho uSimakade, “nisondeze izizathu zenu,” kusho iNkosi kaJakobe.


“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


ngokuba nxa ebona izingane zakhe umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, ziyongcwelisa iGama lami, zingcwelise oNgcwele kaJakobe, zimesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.


Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.”


Kepha uPawula, wathi: “Mina ngingumJuda waseTharsu eKhilikhiya, isakhamuzi somuzi odumileyo. Ngiyacela ukuba ungivumele ngikhulume kubantu.”


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.”


Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.” Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini.


Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yezikhohlakali iphafuza izinto ezimbi.


ukuba kukufundise iqiniso, namazwi athembekile, ukuze uthumele impendulo eyiqiniso kwabakuthumileyo na?


“Ningakubizi ngokuthi wuzungu konke lokhu laba bantu abathi wuzungu. Ningakwesabi abakwesabayo; ningabi naluvalo ngakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite