Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 3:10 - IsiZulu 2020

10 Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 3:10
24 Referans Kwoze  

Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.


“Ongazange enze isono, nokungafunyanwanga nkohliso emlonyeni wakhe;”


Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya.


okungafunyanwanga manga emlonyeni wabo; bengenasici.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade.


Ngokuba ongifunayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuSimakade.


khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula.


Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”


ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo, nempilo emzimbeni wonke.


Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, babusisiwe labo ababambelela baqine kukho.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.


nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe, abayukukubona ukukhanya naphakade.


Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo!


Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’


“Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.


Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”


Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite