Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:7 - IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke kini enikholwayo liyigugu, kodwa kwabangakholwayo; itshe abalinqabayo abakhi, yilo elaba yinhloko yegumbi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:7
26 Referans Kwoze  

UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?


netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo.


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.


Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla,


Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?


ukuze ngiphephe engozini kulabo abangakholwayo baseJudiya nokuba inkonzo yami eJerusalema yamukeleke kwabangcwele,


Kepha ku-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami esizweni esingalaleliyo nesiphikisayo.”


“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,


Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yokuba sitshelwe nguwe, kodwa sesizizwele ngokwethu, sesiyazi ukuthi lo impela unguMsindisi wezwe.”


UJesu wababheka, wayesethi: “Pho kuyini lokhu okulotshiweyo ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi, lona laba yinhloko yegumbi’ na?


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


“Ungubani-ke wena ntaba enkulu na? Phambi kukaZerubhabhele uyakuba yithafa. Uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza athi: ‘Umusa, umusa, mawube kulo!’ ”


“Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngalolo lusuku uSimakade Wamabandla uyoba ngumqhele wobukhosi, nesicoco esihle ensalini yabantu bakhe.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite