Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:21 - IsiZulu 2020

21 Nabizelwa khona lokho, ngokuba uKhristu wahlushwa ngenxa yenu, wanishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:21
30 Referans Kwoze  

Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.


UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Ngokuba ngininikile isibonelo sokuba nani nenze njengalokhu ngenzile kini.


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


Ngilingiseni njengokuba nami ngilingisa uKhristu.


Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona,


Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu,


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi;


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


nalowo ongasithathi isiphambano sakhe angilandele, akangifanele.


Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo.


Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa.


Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, kuhlelembele izinyawo zakhe indlela.


Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu,


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.


ukuze kungabi bikho muntu ozanyazanyiswa yilezo zinhlupheko, ngokuba niyazi ukuthi siqokelwe lokho.


ebachazela futhi ekhombisa ukuthi uKhristu kwakumele ukuba ahlupheke, avuke kwabafileyo, nokuthi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKhristu.”


Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”


Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?”


Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite