Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:2 - IsiZulu 2020

2 Njengezinsana ezisanda kuzalwa, langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze ngalo nikhule kube ngukusindiswa,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:2
21 Referans Kwoze  

Kepha sithi sibambelele eqinisweni ngothando, sikhule ngakho konke kuKhristu, oyinhloko,


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.


wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.


okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini,


Ngakho sembelwa naye ngokubhabhadiselwa kukho ukufa ukuba njengalokhu uKhristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Senizelwe kabusha nina, hhayi ngembewu ephelayo, kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu,


“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.


Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, bachume njengokusanhlamvu, baqhakaze njengomvini, udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”


Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite