Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:19 - IsiZulu 2020

19 Ngokuba lokhu kuyabongeka uma umuntu, ngenxa kanembeza, ngokuyintando kaNkulunkulu, ethwala izinsizi noma ehlushwa ngokungafanele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:19
18 Referans Kwoze  

Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


“Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo.


Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Kepha manje siyanazisa bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakhedoniya,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Yonke imiyalo yakho yethembekile, ngihlushwa ngaphandle kwesizathu; ngisize.


Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize;


Mazingajabuli ngami izitha zami eziphafuza amanga ngami, nalabo abangizondela ize bacife amehlo.


Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Uma-ke kwakungenjalo, ngabe ayiyekwanga yini ukunikelwa, ngoba abakhonzayo sebehlanjululiwe kwaba kanye, bengasayukuba nakho ukukhumbula isono na?


Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite