Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 1:5 - IsiZulu 2020

5 Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 1:5
43 Referans Kwoze  

Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu,


Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.


silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Kulungile, anqunywa ngenxa yokungakholwa, kodwa wena umi ngokukholwa. Ngakho-ke ungazikhukhumezi, kodwa yesaba.


Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe,


“Njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” kusho uSimakade, “kanjalo izizukulwane zakho negama lakho kuyakuma.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi, abayakuyelusa; ayisayukwesaba, ayisayukuba naluvalo, futhi ayisekho eyolahleka kuyo,” kusho uSimakade.


Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo ezayo, eyakwembulwa kithina;


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.


Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.


Ngakho-ke ngiyawagqugquzela amalunga aphakathi kwenu, mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKhristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwembulwa, ngithi:


Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite