Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 1:19 - IsiZulu 2020

19 kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 1:19
31 Referans Kwoze  

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.


Kuthe ebona uJesu edlula, wathi: “Nanti iWundlu likaNkulunkulu.”


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,


okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.


Yacindezelwa, yahlushwa, kodwa ayiwuvulanga umlomo wayo. Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.


Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.


Aniyukunikela nganoma ngani enesici, ngokuba aniyukwemukeleka.


iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini,


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


okungafunyanwanga manga emlonyeni wabo; bengenasici.


neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite