Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 1:1 - IsiZulu 2020

1 UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 1:1
34 Referans Kwoze  

Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,


Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe.


Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli.


kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:


ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni.


Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona.


“ ‘Kepha ngiyakushiya insali, abaphunyuke enkembeni ngiyakubahlakazela ezizweni nasemazweni.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


Uyazi ukuthi bonke abase-Asiya bangihlamukile, kubo kukhona uFilegu noHermogene.


nabazalwane bonke abanami kuwo wonke amabandla aseGalathiya:


Ayakhonza kini amabandla ase-Asiya. U-Akhwila, uPhriska kanye nebandla elisendlini yabo, bayakhonza kakhulu kini eNkosini.


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.


Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.


Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani.


Ngakho-ke abaJuda babuzana bodwa, bathi: “Uzakuya kuphi lo muntu lapho singeke samthola khona na? Ngabe uzakuya kwabahlakazekele kumaGriki, ayofundisa amaGriki na?


Nanka amagama abaphostoli abali-12: owokuqala nguSimoni okuthiwa nguPhethro, u-Andreya umfowabo, uJakobe noJohane umfowabo, amadodana kaZebedewu,


Kwathi ehamba ngasolwandle iGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni okuthiwa nguPhethro no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,”


UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite