Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Ezra 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngizwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.

Gade chapit la Kopi




U-Ezra 9:3
21 Referans Kwoze  

Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


Zenzele-ze, uzikhethele wena kubantwana bakho onobubele; khulisa impandla yakho njengokhozi; ngoba bamukile kuwe ekudingisweni.


Futhi mina, Daniyeli, ngahluleka, ngagula izinsuku ezithile; emva kwalokho ngasukuma ngenza umsebenzi wenkosi; futhi ngamangala ngalowo mbono, kodwa akekho owawuqondayo.


Khona uDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari, wamangala ihora elilodwa, nemicabango yakhe yamethusa. Inkosi yasikhuluma yathi: Belitshazari, iphupho kakungakhathazi. UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi yami, iphupho lingelabakuzondayo, nencazelo yalo ngezitha zakho;


Bayobhinca indwangu yamasaka, usizi luyobasibekela; amahloni ayakuba phezu kobuso bonke, nempandla phezu kwawo wonke amakhanda abo.


Ngase ngifika kwabadingisiwe eThelabibi ababehlala ngasemfuleni iKhebari, ngahlala lapho ababehlezi khona, ngahlala phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Kepha abesabanga, baziklebhula izingubo zabo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.


Nquma izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, uphakamise isililo phezulu; ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane solaka lwayo.


Wenyukela eBayiti naseDiboni ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; UMowabi uyakukhala eNebo naseMedeba; kuwo wonke amakhanda abo kuyoba yimpandla, nazo zonke izilevu ziyogundwa.


Ngakho umoya wami uyaphela amandla phakathi kwami; inhliziyo yami iyabila phakathi kwami.


Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Ngase ngilwa nabo, ngabaqalekisa, ngabashaya abanye, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: ‘Aniyikuwanika amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu namadodakazi abo.


U-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu noShebina umbhali noJowaki indodana ka-Asafa umbusi beza kuHezekiya nezingubo eziklebhukile, bamtshela amazwi kaRabi Sake.


Akumelwe benze impandla emakhanda abo, futhi akumelwe baphuce emaceleni entshebe yabo futhi bangazisindi enyameni yabo.


UDavide wathatha izingubo zakhe, waziklebhula; kanjalo nawo onke amadoda aye naye.


Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite