Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Ezra 6:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Khona-ke inkosi uDariyu yakhipha umyalo, kwaphenywa endlini yezincwadi, lapho okwakugcinwa khona ingcebo eBhabhiloni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Khona uDariyu wakhipha isimemezelo, kwacingwa endlini yezincwadi, lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Inkosi uDariyu yashaya umthetho wokuthi akuphenywe emiqulwini esendlini yemilando egcinwe eBhabhele.

Gade chapit la Kopi




U-Ezra 6:1
16 Referans Kwoze  

Uma manje kukuhle enkosini, makuphenywe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele, ukuthi kuyicala yini elamiswa nguKoresi inkosi ukuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema, inkosi mayisithumele intokozo yayo kule ndaba.


Kuludumo lukaNkulunkulu ukufihla into, kodwa udumo lwamakhosi luwukuhlola indaba.


ukuze liphenywe egwalweni lwemilando yawoyihlo; ngalokho nizakufumana encwadini yezindaba zemihla ngemihla, nazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo noyingozi emakhosini nasezifundeni, nokuthi babhebhethekisa ukuhlubuka phakathi kwawo. Okufanayo kwasendulo: kungani lo muzi wachithwa.


Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa.


Ngathi ngibona, khangela-ke, isandla sathunyelwa kimi; bheka, kwakukhona umqulu kuwo;


UJeremiya wathatha omunye umqulu, wawunika uBharuki, umbhali, indodana kaNeriya; owaloba kuyo ephuma emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayishisa ngomlilo; futhi kwenezelwa kubo amazwi amaningi afanayo.


Futhi kumelwe uthi kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ‘Usho kanje uJehova; Uwushisile lo mqulu, wathi: ‘Ulobeleni kuwo, uthi: ‘Inkosi yaseBabele izakuza nokuchitha leli zwe, iqede kulo abantu nezilwane na?


Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza; kulotshiwe ngami emqulwini:


Nganginguyise kwabampofu, futhi indaba engangingayazi ngangiyiphenya.


Ngakhipha umyalo, kwaphenywa, kwafunyanwa ukuthi lo muzi wasendulo wawuhlubukile emakhosini, nokuthi kwenziwa kuwo ukuhlubuka nokuhlubuka.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, dla okutholayo; yidla lo mqulu, uhambe ukhulume nendlu ka-Israyeli.


bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wabathokozisa, waletha kubo inhliziyo yenkosi yase-Asiriya ukuba iqinise izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngikhipha umyalo wokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli nabapristi babo namaLevi embusweni wami, abayothanda ukukhuphukela eJerusalema ngokuzithandela kwabo, kumelwe bahambe nawe.


Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite