Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Ezra 10:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 USheganiya, indodana kaJehiyeli, omunye wamadodana ka-Elamu, waphendula, wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sathatha abesifazane babezizwe kubantu bezwe; kodwa likhona ithemba kwa-Israyeli ngale ndaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.

Gade chapit la Kopi




U-Ezra 10:2
17 Referans Kwoze  

Ngakho siyakunilalela yini ukuba nenze bonke lobu bubi obukhulu, neqe kuNkulunkulu wethu ngokuthatha abesifazane babezizwe na?


Bazithathela wona namadodakazi abo amanye amadodakazi abo, ukuze inzalo engcwele yahlangana nabantu balawo mazwe; yebo, isandla sezikhulu nezikhulu sasiyinhloko kulesi siphambeko.


Ziqaphele, funa ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, kungabi lugibe phakathi kwakho.


Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.


Emva kwabo kwalungisa uZadoki indodana ka-Imeri malungana nendlu yakhe. Ngemva kwakhe, uShemaya, indodana kaSeganja, umlindi weSango lasempumalanga, naye wasinda.


Emadodaneni ka-Elamu; oMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya.


Abantwana bomunye u-Elamu inkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


Abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


abantwana bomunye u-Elamu inkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


Abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


Emadodaneni ka-Elamu; u-Isaya indodana ka-Athaliya, kanye naye amadoda angamashumi ayisikhombisa.


Kwathi lezo zinto sezenzekile, izikhulu zeza kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bamazwe ngokwenza izinengiso zabo kumaKhanani namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, namaMowabi, namaGibhithe, nama-Amori.


Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite