Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Ezra 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe? uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, (unguNkulunkulu) eseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.

Gade chapit la Kopi




U-Ezra 1:3
20 Referans Kwoze  

Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


NginguJehova, akakho omunye, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami; Ngikubhincile, nakuba ningangazi.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu, nezitha zethu zingabahluleli.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, nomambuli wezimfihlakalo, lokhu wena ukwazile ukwambula le mfihlakalo;


Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova wedwa, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


UDavide wayesethi kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akushiye, uze uqede wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini naphansi emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa ezincekwini zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.


Kwathi bonke abantu bekubona, bawa ngobuso babo, bathi: UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova, unguNkulunkulu.


Futhi wonke umuntu osele nomaphi lapho egogobala khona, amadoda asendaweni yakhe makamsize ngesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezinkomo, kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.


Ngalesosikhathi uThathenayi umbusi osentshonalanga komfula, loSetharibhosnayi labangane babo beza kubo, bathi kubo: Ngubani oniyale ukwakha le ndlu, lakhe lolugange?


Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phakathi kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu wemibuso yonke yomhlaba; Wena wenza izulu nomhlaba.


Kepha oZerubabele noJeshuwa nezinye izinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kubo: “Anihlangene nathi ukwakhela uNkulunkulu wethu indlu; kepha thina ngokwethu siyakwakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ndawonye, njengalokho inkosi uKoresi inkosi yasePheresiya yasiyala.


Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha umyalo wokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu.


Yekani umsebenzi wale ndlu kaNkulunkulu; umbusi wamaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo.


Ngokuba uJehova ulikhethile iSiyoni; wayefisa kube yindawo yakhe yokuhlala.


Othi ngoKoresi: Ungumalusi wami; nasethempelini: Isisekelo sakho siyakubekwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite