Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 9:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 9:2
15 Referans Kwoze  

Noma iBabele likhuphukela ezulwini, noma liqinisa indawo ephakeme yamandla alo, nokho abachithi balo bayakufika phezu kwalo bevela kimi,” usho uJehova.


Noma uziphakamisa njengokhozi, noma ubeka isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.


A re ho bona: Ke bone Satane a theoha lehodimong jwaloka lehadima.


Ukwesabeka kwakho kukhohlisile, nokuzidla kwenhliziyo yakho, wena ohlala emifantwini yedwala, obambe indawo ephakemeyo yentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.


Bayongena emihumeni yamadwala nasemihumeni yomhlaba ngenxa yokwesaba uJehova nangenxa yodumo lobukhosi bakhe, lapho esukuma ukuze unyakazise umhlaba.


Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo.


Noma ubukhosi bakhe bukhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelela emafwini;


Abukho ubumnyama nethunzi lokufa lapho abenzi bobubi bengacasha khona.


Uma ngikwehlisela kanye nabehlela egodini, kanye nabantu basendulo, ngikwehlisele ekujuleni komhlaba, ezindaweni ezashiywa kudala, kanye nabehlela egodini, ukuthi anihlalwa muntu; ngiyakukhazimulisa ezweni labaphilayo;


Ukuze kungabikho nesisodwa esihlahleni esisemanzini esiziphakamisayo, singaphumi isihloko saso phakathi kwamagatsha aminyene, nemithi yaso ingemi ekuphakameni kwayo, yonke ephuza amanzi; ngokuba bonke banikelwe ekufeni, ezindaweni eziphansi zomhlaba, phakathi kwabantwana babantu, kanye nabehlela egodini.


Futhi nithi: UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na? angahlulela phakathi kwefu elimnyama na?


Noma ephiwa ukuba alondeke, aphumule kukho; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite