Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 9:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngabona iNkosi imi e-altare, yathi: “Shaya umbundu ongaphezulu womnyango, ukuze izinsika zizamazame; uwaqobe wonke ekhanda; futhi ngizobulala abokugcina kubo ngenkemba;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 9:1
28 Referans Kwoze  

Kodwa uNkulunkulu uyochoboza ikhanda lezitha zakhe nokhakhayi olunoboya lwalowo osaqhubeka ezonweni zakhe.


Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Waphuma ukusindisa abantu bakho, yebo, ukusindisa kanye nogcotshiweyo wakho; Ulimele ikhanda endlini yomubi ngokuvula isisekelo kuze kufike entanyeni. Sela.


ukuthi mhla ngimhambela ngeziphambeko zikaIsrayeli, ngizahambela amalathi eBhetheli; izimpondo ze-altare ziyonqunywa futhi ziwe phansi.


Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona iNkosi ihlezi esihlalweni sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umphetho wayo ugcwalisa ithempeli.


UJohane wafakaza wathi: “Ngabona uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe.


Futhi imihlambi iyolala phakathi kwawo, zonke izilwane zezizwe; inkalakatha kanye nomunyu kuyolala emaphethelweni ayo angaphezulu; izwi labo liyohuba emafasiteleni; ukubhujiswa kuyakuba semibundwini, ngokuba uyakudalula umsebenzi wemisedari.


Inkazimulo kaJehova yenyuka isuka ekherubini, yema embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukubenyezela kwenkazimulo kaJehova.


Bheka, kwavela amadoda ayisithupha endleleni eya esangweni eliphezulu elingasenyakatho, kwaba yilowo nalowo ephethe isikhali sokulwa esandleni sakhe; kwakukhona indoda ethile phakathi kwabo yembethe ilineni, inophondo lombhali eceleni kwayo; bangena, bema e-altare lethusi.


Njengokubonakala kothingo olusefwini ngosuku lwemvula, kwakunjalo ukubonakala kokukhanya nxazonke. Lokhu kwakungukubonakala komfanekiso wenkazimulo kaJehova. Ngathi ngibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Obalekela ukwesaba uyawela emgodini; futhi lowo ophuma emgodini uyobanjwa ogibeni; ngoba ngiyoletha phezu kwalo unyaka wokuhanjelwa kwabo phezu kukaMowabi,” kusho uJehova.


Kodwa lathi: Hatshi; ngoba siyakubaleka ngamahhashi; ngalokho niyakubaleka, nithi: Siyakugibela abanejubane; ngalokho abakusukelayo bayakuba ngamawala.


Wathi futhi: “Ngalokho yizwani izwi likaJehova; Ngabona iNkosi ihlezi esihlalweni sayo sobukhosi, lebutho lonke lezulu limi ngakwesokunene sayo langakwesokhohlo sayo.


Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami.


Kwafika enye ingelosi, yema ngase-altare, inesitsha segolide sempepho; yanikwa impepho eningi ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


INkosi yathi: Ngizababuyisa eBashani, ngibuyise abantu bami ekujuleni kolwandle.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangenakubaleka; futhi noma bebiza Kimi, ngeke ngibalalele.


Khona-ke inkemba enayesabayo iyonifica lapho ezweni laseGibhithe, futhi indlala enayesabayo iyonilandela lapho eGibhithe; futhi lapho uyofela khona.


Ngizamisa ubuso bami bumelane labo; bayakuphuma emlilweni, omunye umlilo ubaqede; niyakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.


“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.


UJoshuwa wasesithi: Gingqelani amatshe amakhulu emnyango womhume, libeke eceleni kwawo abalindi.


Iziqongo zakwa-Isaka ziyakuba yihlane, nezindawo ezingcwele zakwa-Israyeli zichitheke; futhi ngizovukela indlu kaJerobowamu ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite