Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 8:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova wafunga ngobukhosi bukaJakobe, wathi: “Angiyikukhohlwa nokuyikho imisebenzi yabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 8:7
19 Referans Kwoze  

INkosi uJehova izifungile, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Ngiyakwenyanya ukuzidla kukaJakobe, ngiyazonda izindlu zakhe zamakhosi; ngalokho ngiyakuwunikela umuzi nakho konke okukuwo.


Bazonakalisa ngokujulile njengasezinsukwini zaseGibeya; ngalokho uyakukhumbula ububi babo, ahambele izono zabo.


Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.


Futhi abacabangi enhliziyweni yabo ukuthi ngiyakhumbula bonke ububi babo; ziphambi kobuso bami.


Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.


Abasayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, bathi: ‘Yazini uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuye komkhulu phakathi kwabo, usho uJehova; ngoba ngizabathethelela. Ububi, nesono sabo angisayikusikhumbula.


Isono sikaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi langesihloko sedayimani; kuqoshwe etafuleni lezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu;


Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami futhi angikhumbuli izono zakho.


Iyakusikhethela ifa lethu, inkazimulo kaJakobe ayithandayo. Sela.


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


Mnikeni uNkulunkulu amandla; ukuphakama kwakhe kuphezu kuka-Israyeli, namandla akhe asemafwini.


Wathi: “Ngokuba uJehova ufungile ukuthi uJehova uyakulwa no-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.”


Impepho enayinyusa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga ingqondo yakhe?


UJehova ufungile ubungcwele bakhe ukuthi izinsuku ziyakufika phezu kwakho lapho eyokudonsa ngezingwegwe nenzalo yakho ngezingwegwe zezinhlanzi.


Noma ephiwa ukuba alondeke, aphumule kukho; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


UNkulunkulu wenyuka ngokukhamuluka, uJehova ngokukhala kwecilongo.


UJehova wembula ezindlebeni zami ukuthi: Impela lobu bubi abuyikusulwa kini, nize nife, isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite