Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 7:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Yangibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi odongeni olwenziwe ngentambo yomthofu wokumisa, iphethe intambo yomthofu wokumisa esandleni sayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Yangibonisa kanje: Bheka, uSimakade wayemi ngasodongeni olwakhiwe lwalinganiswa ngentambo yomthofu, ephethe esandleni sakhe intambo yomthofu yokulinganisa.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 7:7
13 Referans Kwoze  

Ngiyakwelula intambo yaseSamariya phezu kweJerusalema nentambo yomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; futhi ngiyosula iJerusalema njengoba nje umuntu esula isitsha, futhi esesula futhi esigumbuqela.


Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.


Nganikwa umhlanga onjengodondolo, ingelosi yema, yathi: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhuleka kulo.


Wangiyisa khona; bheka, kwakukhona umuntu okubonakala kunjengethusi, ephethe umucu wefilakisi esandleni sakhe, nodondolo lokulinganisa; wema esangweni.


UJehova wahlosa ukudiliza ugange lwendodakazi yaseSiyoni; Welula umucu wokulinganisa, isandla sakhe asihlehlanga ukubhubhisa; ngalokho wenza ukuba kukhale imiduli nogange; baphelelwa amandla kanyekanye.


Kodwa inkalakatha nenyongo bayokudla ifa; isikhova negwababa kuyohlala kulo, futhi uyokwendlala phezu kwalo isikela lesiyaluyalu namatshe okuyize.


Ngiyakubeka ukwahlulela umucu wokulinganisa, nokulunga kube intambo yomthofu wokumisa, isichotho sikhukhule isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha.


Wabanqoba abakwaMowabi, wabalinganisa ngomucu wokulinganisa, wabaphonsa phansi; walinganisa ngezintambo ezimbili zokulinganisa ukubulala, nangomucu owodwa ogcweleyo ukugcina uphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, baletha izipho.


Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho;


INkosi yazisola ngalokhu: Nalokhu akuyikwenzeka, isho iNkosi uJehova.


UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na? Futhi ngathi: Umthofu. Wayesethi uJehova: “Bheka, ngibeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; ngeke ngisadlula kubo.


Ngoba ngubani odelele usuku lwezinto ezincane? ngokuba bayakujabula, babone intambo yomthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele nalezi eziyisikhombisa; bangamehlo kaJehova agijima emhlabeni wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite