Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; waqeda uzamcolo omkhulu, waqeda ingxenye yawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 7:4
22 Referans Kwoze  

INkosi uJehova yangibonisa kanje; bheka, wenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani lokugcina; bheka, kwakuyihlaza lokugcina ngemva kokusikwa kwenkosi.


Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.


Yangibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi odongeni olwenziwe ngentambo yomthofu wokumisa, iphethe intambo yomthofu wokumisa esandleni sayo.


Funani uJehova, niyakuphila; funa avuthe njengomlilo endlini kaJosefa, awuqede, kungabikho owucimayo eBethele.


Ngabachitha abanye benu njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora, naba njengesikhuni esophulwe emlilweni; kepha anizisolanga kimi,” usho uJehova.


Kodwa ngizathumela umlilo phezu komduli weGaza, ozaqeda izindlu zayo zamakhosi.


Kodwa ngiyakuthuma umlilo endlini kaHasayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.


Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi nomlilo nezinsika zomusi.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uJehova; Ekuseni gcwalisa ukwahlulela futhi usindise ophangiwe esandleni somcindezeli, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo futhi lushise okungenakucinywa muntu ngenxa yobubi bezenzo zakho.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Ulaka alukho kimi; Bengizodlula kuzo, ngizishise kanyekanye.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, wabaqeda, bafa phambi kweNkosi.


Jehova, ngiyakhala kuwe, ngokuba umlilo udlile amadlelo asogwadule, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.


Kodwa ngizathumela umlilo kwaJuda, njalo uzaqeda izigodlo zeJerusalema.


Yisho ezweni lakwa-Israyeli, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi; Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite