Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 6:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maye kwabaphumula eSiyoni nabethemba intaba yaseSamariya ebizwa ngokuthi inhloko yezizwe indlu ka-Israyeli eya kuzo!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!

Gade chapit la Kopi




U-Amose 6:1
26 Referans Kwoze  

Niphile ubumnandi emhlabeni, nizitika; nondlile izinhliziyo zenu njengasosukwini lokuhlaba.


Zwanini leli zwi, zinkomo zaseBashani, eniphezu kwentaba yaseSamariya, enicindezela abampofu, nichoboza abampofu, enithi emakhosini abo: Lethani, siphuze!


“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.


Asuka amadoda ayisihlanu, afika eLayishi, abona abantu ababekulo ukuthi babehlezi ngokulondeka njengamaSidoni, benokuthula, belondekile; futhi kwakungekho mantshi ezweni owayengabahlazisa kunoma iyiphi indaba; babekude nabaseSidoni, bengahlangene namuntu.


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe.


Sukumani, nikhuphukele esizweni esicebile, esihlezi ngokulondeka, usho uJehova, esingenamasango nemigoqo, esihlezi sodwa.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela.


Labo abafunga isono seSamariya bathi: Kuphila unkulunkulu wakho, Dani! nokuthi: Indlela yaseBeri Sheba; nabo bayakuwa, bangabe besavuka.


Ningethembi emazwini amanga athi: Ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, yilo.


Wathenga intaba yaseSamariya kuShemeri ngamatalenta amabili esiliva, wakha entabeni, wabiza umuzi awakha iSamariya ngegama likaShemeri umninigquma.


Yeka ukuthi umuzi owawugcwele abantu uhlezi wodwa kanjani! ukuthi waba kanjani njengomfelokazi! elalilikhulu phakathi kwezizwe nendodakazi yenkosi phakathi kwezifunda, yeka ukuthi libe ngumthelisi!


UMowabi waphumula kwasebusheni bakhe, wahlala esihlalweni sakhe, akathululwanga kwesinye isitsha ngesitsha, akayanga ekudingisweni; ngalokho ukunambitha kwakhe kwahlala kuye, nephunga lakhe aliguqukanga.


Umphefumulo wethu ugcwele ukwedelelwa kwabahlezi kahle, nokudelelwa kwabaziqhenyayo.


Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.


Lazisani ezindlini zobukhosi zase-Ashidodi nasezindlini zamakhosi ezweni laseGibithe, nithi: ‘Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone isiyaluyalu esiphakathi kwabo nabacindezelweyo phakathi kwabo.


Ngalokho ngiyakunithuma ekuthunjweni ngaphesheya kweDamaseku, usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.


Ngokuba inzondo yabangenalwazi iyobabulala, nokunetha kweziwula kuyakubabhubhisa.


U-Israyeli wayengcwele kuJehova nolibo lwezithelo zakhe; bonke abasidlayo bayokhubeka; okubi kuyakubehlela, usho uJehova.


Ngiyakuziyisa kwabakhulu, ngikhulume nabo; ngokuba babeyazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo; kodwa balaphula ngokupheleleyo ijoka futhi bagqabula izibopho.


Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba, abathi: ‘Ububi abuyikusehlela, abuyikusehlela.


Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite