Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 5:5
34 Referans Kwoze  

Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


Labo abafunga isono seSamariya bathi: Kuphila unkulunkulu wakho, Dani! nokuthi: Indlela yaseBeri Sheba; nabo bayakuwa, bangabe besavuka.


Wozani eBethele, neqe; eGiligali siyanda isiphambeko; nilethe imihlatshelo yenu nokweshumi kwenu ekuseni njalo emva kweminyaka emithathu.


U-Abhrahama wahlanyela umthi eBherisheba, wakhuleka khona ibizo leN kosi uNkulunkulu waphakade.


Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude;


Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo;


Lezinto eziphansi zomhlaba lezinto ezidelelwayo uNkulunkulu uzikhethile, lezinto ezingekho, ukuthi achithe izinto ezikhona.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.


Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu.


Izintaba zase-Aveni, isono sika-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva nekhakhasi kuyakumila phezu kwama-altare abo; bayakuthi ezintabeni: Sisibekeleni; nakumagquma: Welani phezu kwethu.


Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki.


Ngokuba owesabisayo uyachithwa, nesideleli siphelile, nabo bonke abaqapha ububi bayanqunywa.


Celanani icebo, kepha liyachitheka; khulumani izwi, kodwa aliyikuba, ngokuba uNkulunkulu unathi.


UJehova uyachitha icebo lezizwe; Uchitha amacebo abantu.


Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa.


USamuweli wasesithi ebantwini: Wozani siye eGiligali, sivuse umbuso khona.


Wayehamba iminyaka ngeminyaka eya eBhethele, naseGiligali, naseMispa, waqondisa u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


Lizazala amadodana lamadodakazi, kodwa kaliyikuthokoza ngakho; ngoba bayakuthunjwa.


Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba; ngoba lapho bafunga bobabili.


Igama lezibulo lakhe lalinguJoweli; igama lowesibili lalingu-Abiya; babengabahluleli eBeri Sheba.


Inkosi yasicebisana, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema; bheka, Israyeli, onkulunkulu bakho abakukhipha ezweni laseGibithe.


Wabeka elinye eBethele, nelinye kwaDani.


ukuthi mhla ngimhambela ngeziphambeko zikaIsrayeli, ngizahambela amalathi eBhetheli; izimpondo ze-altare ziyonqunywa futhi ziwe phansi.


U-Amasiya, umpristi waseBethele, wathumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwakhele indlu yakwa-Israyeli ugobe; izwe alikwazi ukuthwala wonke amazwi alo.


Kodwa ungabe usaprofetha eBhetheli, ngoba liyindlu yenkosi lendlu yenkosi.


Wasesuka lapho waya eBherisheba.


Wayibiza ngokuthi iSeba; ngalokho igama lomuzi liyiBeri Sheba kuze kube namuhla.


INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngilethulile kini ihlazo leGibhithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.


Yakhipha bonke abapristi emizini yakwaJuda, yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bashisa khona umusi, kusukela eGeba kuze kube seBeri Sheba, yadiliza izindawo eziphakemeyo zamasango ezazingasekungeneni kwesango likaJoshuwa. Umbusi womuzi, owayengakwesokhohlo somuntu esangweni lomuzi.


UMowabi uyakuba namahloni ngoKemoshi, njengalokho indlu yakwa-Israyeli yaba namahloni ngeBethele ekuthembeleni kwayo.


Ngiyakwaphula umgoqo waseDamaseku, nginqume abakhileyo ethafeni lase-Aveni nophethe intonga yobukhosi endlini yase-Edene; futhi abantu base-Aramu bayothunjelwa eKhiri,” kusho uJehova.


Iziqongo zakwa-Isaka ziyakuba yihlane, nezindawo ezingcwele zakwa-Israyeli zichitheke; futhi ngizovukela indlu kaJerobowamu ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite