Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 3:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Kuyakuba khona isitha ezweni nxazonke; uyakuhlwitha amandla akho kuwe, nezigodlo zakho ziphangwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sibhidlize izinqaba zenu, siphange nezigodlo zenu.”

Gade chapit la Kopi




U-Amose 3:11
17 Referans Kwoze  

Kepha bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHemati kuze kufike emfuleni ogwadule.


Kodwa ngizathumela umlilo kwaJuda, njalo uzaqeda izigodlo zeJerusalema.


INkosi uJehova izifungile, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Ngiyakwenyanya ukuzidla kukaJakobe, ngiyazonda izindlu zakhe zamakhosi; ngalokho ngiyakuwunikela umuzi nakho konke okukuwo.


Futhi ngiyochitha indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo; izindlu zophondo lwendlovu ziyakubhubha, nezindlu ezinkulu ziphele,” usho uJehova.


Ngokuba abakwazi ukwenza okulungile, usho uJehova, oqongelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, badiliza ugange lwaseJerusalema, bashisa zonke izigodlo zalo ngomlilo, bachitha zonke izitsha zalo ezinhle.


Ezinsukwini zikaPheka inkosi yakwa-Israyeli, uThigilati-Phileseri inkosi yase-Asiriya wafika wathatha i-Ijoni ne-Abela Beti-maga neJanowa neKedeshi neHazori neGileyadi neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, futhi bathatha i-Ijoni. Wayiswa ekudingisweni e-Asiriya.


UPhuli inkosi yase-Asiriya walihlasela izwe, uMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuqinisa ubukhosi esandleni sakhe.


Amadodana kaJakobe afika phezu kwababuleweyo, awuphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.


Akunakusala ekudleni kwakhe; ngakho kakho ozadinga impahla yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite