Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa ngizathumela umlilo eThemani, ozaqeda izigodlo zeBhozira.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:12
14 Referans Kwoze  

Ngakho yizwani icebo likaJehova alicebile ngo-Edomi; namacebo akhe awanqumile kwabakhileyo eThemani: Impela bayakukhipha omncane emhlambini; impela uyakwenza izindawo zabo zokuhlala zibe yihlane kanye nabo.


Ngo-Edomi, usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? icebo labahlakaniphileyo libhubhile na? ukuhlakanipha kwabo sekuphelile?


Bheka, uyokhuphuka andize njengokhozi, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira, futhi ngalolo suku inhliziyo yamaqhawe akwa-Edomi iyoba njengenhliziyo yowesifazane ezindleleni zakhe.


Ngokuba ngizifungile mina, usho uJehova, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso; yonke imizi yakhe iyakuba yincithakalo kuze kube phakade.


Inkemba kaJehova igcwele igazi, ikhuluphaliswe ngamanoni, nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, namanoni ezinso zezinqama; ngoba uJehova unomhlatshelo eBhozira nokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Idumiya.


Wafa uBhela, wathi uYobhabhi, unyana kaSeraki, waseBhotsera, walawula esikhundleni sakhe.


Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.


Ngokuba inkemba yami iyogezwa ezulwini; bheka, liyokwehlela phezu kwe-Idumiya naphezu kwabantu besiqalekiso sami, kube ukwahlulelwa.


Ngubani lo ovela kwa-Edomi, nezingubo ezidayiwe zaseBozira na? lowo okhazimulayo engutsheni yakhe uhamba ebukhulu bamandla akhe? Mina engikhuluma ngokulunga nginamandla okusindisa.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami phezu kuka-Edomi, nginqume kulo abantu nezilwane; ngiyakuyenza ihlane laseThemani; nabaseDedani bayakuwa ngenkemba.


Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: ‘Sizwile umbiko ovela kuJehova, futhi isithunywa sithunyiwe phakathi kwezizwe, sithi: Sukani, simvukele ukulwa.’


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele evela entabeni yasePharanu. Sela. Inkazimulo yakhe yasibekela amazulu, futhi umhlaba ugcwele indumiso yakhe.


Wafa uBhela, wathi uYobhabhi, unyana kaSeraki, waseBhotsera, walawula esikhundleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite