Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:1
23 Referans Kwoze  

Niyobalekela esigodini sezintaba; ngoba isigodi sezintaba siyofinyelela e-Asali, yebo, niyobaleka njengoba nabalekela ukuzamazama komhlaba ezinsukwini zika-Uziya inkosi yakwaJuda, futhi uJehova uNkulunkulu wami uyofika, nabo bonke abangcwele kanye nani.


Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisuye umprofethi, nandodana yomprofethi; kodwa ngangingumalusi nomvuni wemisikhamori;


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


Wakha neBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,


Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe.


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;


Amazwi kaJeremiya indodana kaHilikiya wabapristi base-Anathoti ezweni lakwaBenjamini:


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wabusa eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.


Kodwa uNkulunkulu ukhethile izinto zobuthutha zomhlaba ukuze ajabhise ezihlakaniphileyo; futhi uNkulunkulu ukhethile izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ajabhise izinto ezinamandla;


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.


Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya.


Ngakho uyakuwakhuluma onke lawa mazwi kubo; kodwa kabayikukuzwa; futhi kumelwe ubabize; kodwa kabayikukuphendula.


UMose wayeselusa umhlambi kaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; wahola umhlambi emva kwehlane, wafika entabeni kaNkulunkulu kuze kufike eHorebe.


UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.


Abaprofethi ababengaphambi kwami naphambi kwakho baprofetha emazweni amaningi nangemibuso emikhulu, ngempi, nangobubi, nangesifo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite