Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngathi: Ngiqinisile, lizangesaba, lizakwamukela ukulaywa; ukuze indawo yabo yokuhlala ingaqedwa, nokho ngibajezisile; kepha bavuka ekuseni, baziphanga zonke izenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 3:7
25 Referans Kwoze  

Bazonakalisa ngokujulile njengasezinsukwini zaseGibeya; ngalokho uyakukhumbula ububi babo, ahambele izono zabo.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa bonke ububi engicabanga ukubenza kubo; ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; ukuze ngithethelele ububi babo lesono sabo.


Kalilalelanga ilizwi; akakwamukelanga ukuqondiswa; akazange athembele kuJehova; akasondelanga kuNkulunkulu wakhe.


Bathi: “Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yenu embi nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aninike lona nawoyihlo kuze kube phakade naphakade.”


Ngiyakunihlalisa kule ndawo, ezweni engalinika oyihlo, kuze kube phakade naphakade.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


UJeremiya wayesethi kuZedekiya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma uphumela nokuphumela ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila, nalo muzi awuyikushiswa ngomlilo; futhi uzophila kanye nendlu yakho.


Ngalalela ngezwa, kodwa abazange bakhulume kahle; akakho owaphenduka ebubini bakhe wathi: Ngenzeni na? yilowo nalowo waphendukela endleleni yakhe, njengoba ihhashi lingena emncintiswaneni.


Ngoba wathi: Isibili bangabantu bami, abantwana abangaqambi amanga; ngakho waba nguMsindisi wabo.


Yini enye engenziwa esivini sami engingayenzanga kuso na? ngani, lapho ngibona ukuthi iyakuthela izithelo zomvini, yathela izithelo zasendle, na?


Ngakho uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya, ezambamba uManase emeveni, zambopha ngamaketanga, zamyisa eBabele.


Ukuze ningonakalisi, nizenzele isithombe esibaziweyo, umfanekiso wanoma yisiphi isimo, umfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,


UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni.


Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;


Futhi uvula izindlebe zabo ekulayweni futhi uyabalaya ukuthi baphenduke ebubini.


Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.


Lalela iseluleko wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.


Mawufundiswe, Jerusalema, ukuze umphefumulo wami ungasuki kuwe; ukuze ngingakwenzi incithakalo, izwe elingahlalwa muntu.


Kodwa kabalalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa bayenza lukhuni intamo yabo ukuze bangezwa loba bemukele ukulaywa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite