Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abaprofethi bawo bangabantu abalula nabangathembekanga;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Abaphrofethi bawo bayizichwensi nabakhohlisi. Abaphristi bawo bayingcolisile indawo engcwele, bawephula umthetho.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 3:4
33 Referans Kwoze  

Abapristi balo beqile umthetho wami, bangcolisa izinto zami ezingcwele; abenzanga mahluko phakathi kokungcwele nokungcolile, abenzanga mahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihla amehlo abo kumasabatha ami, ngingcolisiwe phakathi kwabo.


Kodwa naphambuka endleleni; nikhubekise abaningi emthethweni; nichithile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.


Izinsuku zokuhanjelwa sezifikile, izinsuku zokuphindisela sezifikile; U-Israyeli uyakukwazi lokhu: Umprofethi uyisiwula, nomuntu ongokomoya uyahlanya, ngenxa yobuningi bobubi bakho nenzondo enkulu.


Abaprofethi bakho babone izinto eziyize neziwubuwula ngawe, futhi ababubonakalisanga ububi bakho ukuze banqande ukuthunjwa kwakho; kodwa ngakubona imithwalo yamanga lezinto zokudingiswa.


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Omdala nohloniphekileyo uyinhloko; nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Uma ohamba ngomoya aqambe amanga ethi: ‘Ngiyakuprofetha kini ngewayini nangophuzo olunamandla; uzakuba ngumprofethi walababantu.


“Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawatshele, badukise abantu bami ngamanga abo nangenkohliso yabo; kodwa angibathumanga, futhi angibayalanga; ngalokho abayikubasiza laba bantu nangayiphi indlela,” usho uJehova.


Ngakho abafazi babo ngizabanika abanye, lamasimu abo kwabawadla ilifa, ngoba wonke kusukela komncinyane kusiya komkhulu uzinikele ekuhahabeni, kusukela kumprofethi kusiya kumpristi, wonke umuntu wenza amanga.


U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa konke amadodana akhe akwenzayo ku-Israyeli wonke; nokuthi balala kanjani nabesifazane ababebuthene ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Bamnika amashekeli angamashumi ayisithupha esiliva endlini kaBali-bheriti, u-Abimeleki waqasha ngawo amadoda ayize, alulamileyo, amlandela.


izikhulu zakwaJuda nezikhulu zaseJerusalema, abathenwa, nabapristi, nabantu bonke bezwe abadabula phakathi kwezingxenye zethole;


Kumelwe bafundise abantu bami umehluko phakathi kokungcwele nokungangcwele futhi babenze bahlukanise phakathi kokungcolile nokuhlanzekile.


Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, yileso naleso sasisesandleni saso ukuchitha igazi.


Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite