Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosi ngemizi ebiyelweyo nasemibhoshongweni ephakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosi ngasemizini ebiyelweyo nasemibhoshongweni yasezingosini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 usuku lokukhala kwecilongo nokukhuza iziqubulo zempi emizini ebiyelweyo nasemibhoshongweni esemakhoneni.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 1:16
17 Referans Kwoze  

Kungashaywa icilongo emzini futhi abantu bangesabi? kuyakuba khona okubi emzini uJehova engakwenzanga na?


Faka icilongo emlonyeni wakho. Uyofika njengokhozi ngokumelene nendlu kaJehova, ngoba bephule isivumelwano sami futhi beqa umthetho wami.


Ngoba izigodlo ziyoshiywa zishiywe; isixuku somuzi siyakusala; izinqaba nemibhoshongo kuyakuba yimigodi kuze kube phakade, intokozo yezimbongolo zasendle, idlelo lemihlambi;


Wema walinganisa umhlaba; izintaba zaphakade zahlakazwa, amagquma aphakade akhothama; izindlela zakhe ziphakade.


Vuthelani icilongo eGibeya, necilongo eRama; memeza kakhulu eBeti Aveni, emva kwakho, Benjamini!


Ukukhala kwamahhashi akhe kwezwakala kwaDani; ngoba bafika balidla ilizwe lakho konke okwakukulo; umuzi nabakhileyo kuwo.


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Siphumputha njengezimpumputhe odongeni, siphumputha ngokungathi asinamehlo; siyakhubeka emini njengasebusuku; sisezindaweni eziyincithakalo njengabafileyo.


Iyakuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izindonga zakho eziphakemeyo nezibiyelweyo othembele kuzo ezweni lakho lonke; uyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.


Kuyakuthi ngalolo suku kukhale icilongo elikhulu, bafike abase-Asiriya abaxoshwa ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Vuthelani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhileyo ezweni, ngokuba usuku lukaJehova luyeza, ngokuba luseduze;


Abantu basebekhamuluka lapho abapristi bebetha amacilongo; lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, abantu bekhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawa bhusma, kangangokuthi abantu bakhuphuka. Bangena emzini, wonke umuntu ephambi kwakhe, bawuthatha umuzi.


Ukusa sekufikile kini, nina enihlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lwenhlupheko luseduze, akusilo umsindo wezintaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite