Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya, indodana kaKushi, indodana kaGedaliya, indodana ka-Amariya, indodana kaHezekiya, ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade elafika kuZefaniya, indodana kaKushi kaGedaliya, ka-Amariya kaHezekiya, ezinsukwini zokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, lathi:

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 1:1
12 Referans Kwoze  

okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe.


Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu;


Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Izwi likaJehova lafika ngokuqondile kuHezekeli umpristi, indodana kaBusi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari; isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


Kusukela ngomnyaka weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, okungumnyaka wamashumi amabili nantathu, izwi likaJehova lafika kimi, ngakhuluma kini, ngivuka ekuseni, ngalikhuluma; kodwa kalilalelanga.


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;


UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, ensimini ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UManase wayeselala koyise, bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owabusa esikhundleni sikayise uJosiya, owasuka kule ndawo, uthi: akasayikubuyela khona;


Wangcwatshwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite