Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZakariya 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 ITire yalakhela inqaba, yaqongelela isiliva njengothuli negolide elicwengekileyo njengodaka lwezitaladi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ITire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 IThire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicolekileyo njengodaka emigwaqweni.

Gade chapit la Kopi




UZakariya 9:3
16 Referans Kwoze  

Lapho impahla yakho iphuma elwandle, wasuthisa abantu abanengi; Wanothisa amakhosi omhlaba ngobuningi bengcebo yakho nempahla yakho ethengiswayo.


Nakuba ebutha isiliva njengothuli, alungise izingubo njengobumba;


Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.


Khona-ke umngcele osogwini wajika waya eRama nasedolobheni eliqinile laseTire; umkhawulo osogwini wajika waya eHosa; futhi ukuphuma kwawo kungasolwandle kusukela ogwini kuze kufike e-Agisibi.


Ngubani owenza leli cebo ngeTire, umuzi womqhele, obathengi bawo bayizikhulu, obathengi bawo bangabadunyiswa emhlabeni na?


Khona-ke kumelwe ulahle igolide njengothuli negolide lase-Ofiri njengamatshe emithombo.


Inkosi yenza isiliva eJerusalema libe njengamatshe, nemisedari yayenza yaba njengemikhiwane esesigodini ngobuningi.


Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zazingezegolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zazingezegolide elicwengekileyo; kwakungekho okwesiliva; kakubalelwa lutho ngakho ezinsukwini zikaSolomoni.


Welulela isandla sakhe phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso; uJehova wayala umuzi wabathengisi ukuba uchithe izinqaba zawo.


Bayakuphanga ingcebo yakho, benze impahla yakho ethengiswayo ibe yimpango, babhidlize izindonga zakho, bachithe izindlu zakho ezinhle, babeke phansi amatshe akho nezinkuni zakho nothuli lwakho phakathi kwamanzi.


Esikhathini lapho uyakwaphulwa khona ulwandle ekujuleni kwamanzi, impahla yakho ethengiswayo nesixuku sakho sonke kuyakuwa phakathi kwakho.


Noma nezikhulu ezazinegolide, ezagcwalisa izindlu zazo ngesiliva;


Ingcebo yakho, nempahla yakho, nempahla yakho, namatilosi akho, nabashayeli bakho, nezindlu zakho zokulala, nabathengi bakho bempahla yakho, nawo onke amadoda akho empi aphakathi kwakho, naso sonke isixuku sakho esiphakathi kwakho. Wena, uyowela phakathi kolwandle ngosuku lokubhujiswa kwakho.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeTire, ngenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba banikela bonke ekuthunjweni ku-Edomi futhi abazange bacabange ngesivumelwano sobuzalwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite