Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZakariya 6:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Enqoleni yesithathu amahhashi amhlophe; enqoleni yesine amahhashi agayiwe, azigwagwisayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nasenqoleni yesithathu amahhashi amhlophe, nasenqoleni yesine amahhashi anala alufipha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 kweyesithathu kunamhlophe, bese kuthi enqoleni yesine kube ngamahwaqahwaqa.

Gade chapit la Kopi




UZakariya 6:3
9 Referans Kwoze  

Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba, futhi eyakunqoba.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


Ngabuka ebusuku, bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu emi phakathi kwemibomvana eyayiphansi; futhi emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, ezimanakanaka namhlophe.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.


Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.


imilenze yakhe iyinsimbi, izinyawo zakhe inxenye ziyinsimbi nenxenye yobumba.


Ngesikhathi umhlambi ukhulelwa, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni, bheka, izinqama ezikhwela umhlambi zazimthende, nezimanakanaka, nezimaqamu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite