Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZakariya 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 ‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi




UZakariya 2:5
28 Referans Kwoze  

Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha.


Kepha wena Jehova uyisihlangu sami; inkazimulo yami nokuphakanyiswa kwekhanda lami.


Ngiyakumisa nxazonke zendlu yami ngenxa yempi ngenxa yodlulayo nangenxa yobuyayo; akusayikudlula umcindezeli phakathi kwabo, ngokuba manje sengikubonile ngamehlo ami.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.


Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.


UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela.


Kodwa lapho iNkosi ekhazimulayo izakuba kithi indawo yemifula ebanzi lemifula; okungayikuhamba khona umkhumbi uphethe izigwedlo, nomkhumbi wamaqhawe awuyikudlula.


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


Zungezani iSiyoni, nilihaqe; tshela imibhoshongo yakhe.


UNkulunkulu uphakathi kwawo; ngeke antengantenge: uNkulunkulu uzomsiza, futhi kusesekuseni.


Ngempela, insindiso yakhe iseduze kwabamesabayo; ukuze inkazimulo ihlale ezweni lakithi.


Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.


Iyakukhuphukela enqabeni yayo ngokwesaba, izikhulu zayo ziyesabe ibhanela,” usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nesithando sakhe siseJerusalema.


Abantu bami bayohlala endaweni yokuhlala enokuthula nasezindlini eziphephile nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula;


Ngakho-ke, ndodana yomuntu, profetha uthi kuGogi: Usho kanje uJehova; Ngalolo suku lapho abantu bami u-Israyeli behlala belondekile, ngeke ukwazi yini?


Walilinganisa ezinhlangothini zozine; lalinogange nxazonke zalo: zingalo ezingamakhulu ayisihlanu ubude nobubanzi obungamakhulu ayisihlanu, ukwahlukanisa indawo engcwele nendawo engcolile.


Hlabelela ujabule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bheka, ngiyeza, ngihlale phakathi kwakho,” usho uJehova.


Izizwe eziningi ziyakuhlangana noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu kimi; ngiyakuhlala phakathi kwenu, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


UJehova uyobonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uyophuma njengombani; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe nezivunguvungu zaseningizimu.


Umucu wokulinganisa uyakuphuma ubheke egqumeni laseGarebi, ujikele embuzini.


Lapho umuntu ephuma eya ngasempumalanga, enentambo yokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabula emanzini; amanzi ayefika emaqakaleni.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngibuyele eJerusalema ngomusa; indlu yami iyakwakhiwa kulo,” usho uJehova Sebawoti, kwelulwe umucu phezu kweJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite