Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZakariya 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wathi kuyo: “Gijima, ukhulume naleli nsizwa, uthi: ‘IJerusalema liyakuhlala njengemizi engenalugange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo kuyo.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.

Gade chapit la Kopi




UZakariya 2:4
24 Referans Kwoze  

Memeza futhi uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Imizi yami iyokwandiswa ngokuchuma; uJehova usazoliduduza iSiyoni, alikhethe futhi iJerusalema.


Ngosuku okufanele kwakhiwe ngalo izingange zakho, ngalolo suku isinqumo siyoba kude.


Futhi kumelwe uthi: Ngizokhuphukela ezweni lamadolobhana angenazindonga; ngizakuya kwabaphumuleyo, abahlezi bevikelekile, bonke abahlezi bengenazindonga, abangenamigoqo namasango;


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengeziko phakathi kwezinkuni nanjengobhaqa esithungwini; ziyodla bonke abantu nxazonke, kwesokudla nakwesokunxele, futhi iJerusalema liyophinde lihlalwe endaweni yalo, eJerusalema.


Bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezilwane.


Abantwana oyakuba nabo, emva kokuba ulahlekelwe ngomunye, bayophinde bathi phambi kwezindlebe zakho: Indawo incane kakhulu kimi; nginike indawo yokuhlala.


oqinisa izwi lenceku yakhe nofeza icebo lezithunywa zakhe; othi kulo iJerusalema: Liyakuhlalwa; nasemizini yakwaJuda: Niyakwakhiwa, ngivuse izindawo zayo ezidilikileyo.


Kuyohlala kwaJuda nasemizini yayo yonke ndawonye, abalimi nabahamba nemihlambi.


Bheka iZiyoni, umuzi wemikhosi yethu; azikho izinduku zakhe eziyosuswa, nezintambo zakhe aziyikugqashulwa.


Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.


Kepha laba bantwana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda kuyo yonke imfundo nokuhlakanipha; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, angikwazi ukukhuluma ngoba ngiyingane.


Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.


Abantwana abangenasici kubo, kodwa abathandekayo nabanamandla kukho konke ukuhlakanipha nobuqili olwazini nasekuqondeni kwesayensi, ababenamandla okuma esigodlweni senkosi, ababengafundisa kubo ukufunda nolimi lamaKaledi.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngibuyele eJerusalema ngomusa; indlu yami iyakwakhiwa kulo,” usho uJehova Sebawoti, kwelulwe umucu phezu kweJerusalema.


Bheka, ngadala umkhandi wensimbi ofutha amalahle emlilweni, akhiqize ithuluzi lomsebenzi wakhe; futhi ngadala umchithi ukuba abhubhise.


Lokhu kuyakuba yinhlupheko uJehova ayakushaya ngayo zonke izizwe ezilwa neJerusalema; Inyama yabo iyakudla bemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakushwabadela emigodini yabo, nolimi lwabo ludle emlonyeni wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite