Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZakariya 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UZakariya 13:1
34 Referans Kwoze  

Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Lo nguye oweza ngamanzi negazi, uJesu Kristu; kungeyisikho ngamanzi kuphela, kodwa ngamanzi legazi. Futhi uMoya ufakaza, ngoba uMoya uliqiniso.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici.


Ngalolo suku ngiyakwenza iJerusalema libe yitshe elinzima kubo bonke abantu;


Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, kungabikho indlala phezu kwenu.


Ndodana yomuntu, lapho indlu yakwa-Israyeli isahlezi ezweni layo, yalingcolisa njengezindlela zayo nangezenzo zayo;


Lapho uJehova ehlanza ukungcola kwamadodakazi aseSiyoni futhi ehlanza igazi laseJerusalema kulo ngomoya wokwahlulela nangomoya womlilo.


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.


Ngiyakubahlambulula ebubini babo bonke abone ngabo kimi; futhi ngizobathethelela zonke iziphambeko zabo abone ngazo futhi eqe ngazo kimi.


Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, kwaphuma amanzi ngaphansi kombundu wendlu ngasempumalanga; ngokuba ingaphambili lendlu lalibheke ngasempumalanga, amanzi aphuma phansi ohlangothini lokunene lwendlu, ohlangothini olungaseningizimu lwe-altare.


Yonke imindeni esele, umndeni ngamunye ngokwawo nabafazi bawo ngokwehlukana.


Kepha umthombo noma umthombo okukuwo amanzi amaningi kuyakuba kuhlanzekile; kepha othinta isidumbu sazo uyakuba ngongcolile.


Ngakho niyakukha amanzi ngokuthokoza emithonjeni yensindiso.


Ngizakusiphula imilingo esandleni sakho; futhi ngeke usaba nabahlolayo;


Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite