Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inceku eyayimiswe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Le yintombi yakwaMowabi eyabuya noNawomi ezweni lakwaMowabi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Inceku yamphendula yathi: “Yintombazane yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakhona.

Gade chapit la Kopi




URuthe 2:6
10 Referans Kwoze  

Wayesebuya uNawomi, noRuthe wakwaMowabi, umalokazana wakhe, ababebuyile ezweni lakwaMowabi; bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.


Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?


Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Futhi lapho befika eBhetlehema, umuzi wonke waxokozela, wathi: Ingabe lo uNawomi?


URuthe wasesithi: Ungangincengi ukuthi ngikutshiye, ngibuye ngikulandele; ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami; nalapho nilala khona, nami ngiyakulala khona; abantu bakini bayakuba ngabantu bami, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.


Wayesethi u-Abrahama encekwini yakhe endala yendlu yakhe ebusa phezu kwakho konke anakho: “Beka isandla sakho ngaphansi kwenyonga yami.


Wayesethi u-Abrama: “Nkosi Jehova, uyakunginikani, lokhu ngingenamntwana, nomphathi wendlu yami ngu-Eliyezeri waseDamaseku na?


Kwathi sekuhlwile, umninisivini wathi enduneni yakhe: Biza izisebenzi, uzinike inkokhelo yazo, uqale ngezokugcina kuze kube ngezokuqala.


UBhowazi wayesethi encekwini yakhe ephethe abavuni: “Ngekabani le ntokazi na?


Yathi: Ake ngicoshe, ngibuthe emva kwabavuni phansi kwezithungu; wafika wahlala kusukela ekuseni kwaze kwaba manje, wahlala kancane endlini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite